Mhlonishwa Somlomo, ngimi lapha namuhla ukuba ngethule Inkulumo Yesabelo Zimali sonyaka ka 2009/2010 soMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi, okungumnyango owethweswe umsebenzi wokuhlinzeka eminye iminyango kahulumeni wesiFundazwe ngemisebenzi yengqalasizinda kanye nokunakekelwa kwezakhiwo.
Uguquko lobunikazi bezakhiwo nomhlaba kahulumeni, kumbandakanya ukuthengisa, ukubhidliza, ukushintshelana kanye nokunikela.
Umnyango Wezemisebenzi Yomphakathi uneqhaza elimqoka kulesi simo esizithola sikuso. Sisesikhathini lapho imali iphelelwa ngamandla emhlabeni wonke. Umhlaba wonke usuqhuba izinhlelo zomnotho ngesu elaziwa ngokuthi yi Keynesian economics ukuze uzitakule kulenkinga kuvuselelwe umnotho njengoba kwenzeka eminyakeni yawo 1930. Lempicabadala yaze yaxazululwa Yimpi Yomhlaba Yesibili lapho ukwakhiwa kwezikhali kwenza bonke abangaqashiwe bathola imisebenzi. Nokho-ke kulemihla ngeke sathembela ekwakhiweni kwezikhali ukuze kuxazululwe lenkinga ngoba imiphumela yalokho iyesabeka.
Ngakho-ke sidinga uhlelo olusha lokungenisa bonke abaqalayo ukufuna imisebenzi kanye nalabo abangondingasithebeni ngenxa yokuphelelwa yimisebenzi.
Lapha KwaZulu-Natali silahlekelwe kakhulu yimisebenzi yokukhiqiza kunazo zonke iziFundazwe. Kumele singene esikhathini sethemba nokuvuselela noma kwesokulahlekelwa yithemba siyekele konke.
Mina ngikholwa wukuthi lesi yisikhathi sokuvuselela kanye nethemba ngengomuso elingcono.
Abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi KwaZulu-Natali, babeke amathemba nezifiso zabo kulolu hlelo lokuphathwa komnyango. Ukuze kufezeke lokho, ngalesi sikhathi sokuvuselela, Umnyango Wezemisebenzi uyazibophezela ekutheni konke umnyango omiselwe ukuba ukwenze kuzobonakala ngezinga eliphezulu lokuzinikela ekusebenzeni kanzima. Sizoqikelela ukuthi kuba nokushaya nganyawo lunye kuhulumeni ezingeni likaZwelonke nakwelesiFundazwe maqondana nalokho uhulumeni omusha athe kusemqoka.
Okusemqoka kithi kuzokuba wukusebenzisa ingqalasizinda kanye nokuphathwa kwezakhiwo njengamathuluzi okuheha ukutshalwa kwezimali bese ngaleyo ndlela kudaleka amathuba emisebenzi nawamabhizinisi. Ukuze kwenzeke lokhu kuzomele kuchunyiswe ngamandla isiko lokusebenzisana phakathi kwabo bonke ababambe iqhaza ekufezeni umsebenzi loMnyango ojutshelwe ukuba uwenze.
Nakuba bekungelula kodwa sesingasho kugcwale umlomo ukuthi siyifezile indima ebesiyinqunyelwe phansi kwesimo esinemidiyo, futhi ngezinye izikhathi, esikwenza uzizwe ungamukelekile. Naphezu kokuba kunjalo besilokhu njalo sikhombisa ukuba ngcono kwezinga lokwenziwa kwemisebenzi yengqalasizinda, isigqi okwenziwa ngaso umsebenzi osilele ngemuva nokho siseyinselelo namanje.
Umnyango umi ngazo zombili ufuna ezinye izindlela zokwenza umsebenzi ojutshelwe wona nguhulumeni. Ezinye zazo zimbandakanya nokulandela amasu aqhutshwa abantu ngokwabo nabhekele kakhulu ukusizakala kwabantu baKwaZulu-Natali.
Esijutshwe ukuba sikwenze wukwanelisa izidingo zeminyango engamakhasimende ethu ngendlela ezohlangabezana nezinto ezimqoka kuhulumeni. Ngakho-ke sizosebenza ngendlela eyenza kube nabantu abaningi abaqashwayo lapho kuqhutshwa izinhlelo zikahulumeni ukufeza lokho okufunwa ngamakhasimende ethu. Lokhu sizokwenza ngokwesabelo zimali esisinikeziwe, nangokwezibalo ezifunekayo, ngesikhathi esinqunyiwe nangezinga lomsebenzi elifunekayo.
Umengameli Wezwe uMhlonishwa Jacob Zuma wakhuluma ngohulumeni onakekelayo, nophumelelayo ukufeza izidingo zabantu. Wethembisa egameni lethu sonke esiyizakhamuzi zalelizwe, ukuba "lohulumeni uqikelele ukubeka abantu phambili."
Siyophumelela ukunqinda inkinga yokuthutheleka kwabantu besuka emakhaya beya emadolobheni ngokuba siqhube umkhankaso wokufukula ezolimo. Intuthuko yasemakhaya izokwenza ikati lingalali eziko kubantu abaningi bakithi. Lentuthuko yasemakhaya kumele ihambisane nokwenziwa ngcono kwengqalasizinda bese ngaleyo ndlela kuphucuke nezinga lempilo. Ngalesi sikhathi lapho kunokugida ndawonye komkhiqizo wezimayini nezimboni, ukuthuthukisa indawo yasemakhaya kungumqondo omuhle.
kuhlangatshezwane nezidingo zabantu ngokuthi bazibambele mathupha.
lapho kukhishwa amathenda, kugcizelelwe ekubhekeleni lokho uhulumeni athi kusemqoka.
Lolu hlelo luqondene nokuhlinzeka ezokuphatha jikelele nosizo lokweluleka eMnyangweni. Lokhu kuqukethe ukusiza uMnyango ngokuphathwa kwezindaba zabasebenzi, ezomthetho kanye nokuphathwa kwezimali.
Lesi sigaba siwumongo womsebenzi walo Mnyango futhi siphethe konke okumayelana nokuthenga nokuthengisa kanye nokuqasha izakhiwo.
Ngaphezu kokuthi futhi kugcinwa iRejista yayo yonke impahla kahulumeni, uMnyango unomthwalo wokuqinisekisa ukusebenza komthetho owaziwa ngokuthi GIAMA - okusho Umthetho Olawula Ukuphathwa Kwempahla kaHulumeni Enganyakaziswa, ka 2007.
Inhlosongqangi yalolu hlelo wukwakhiwa kwamabhilidi ngokulandela uhlelo lwengqalasizinda lomnyango nesabelo zimali esikhona. Lesi sigaba sibhekele futhi ukugcina esimeni izakhiwo zikahulumeni.
Izwe lakithi likhungethwe yinkinga yokwentuleka kwamakhono futhi uhulumeni usubeke emqoka ukuthuthukiswa kwamakhono nokuqeqeshwa. Kusemqoka ukuthi kwenezelwe imali echithwa ngokuthuthukisa amakhono ngoba lokho kuzokwenza sikwazi ukuhlangabezana nezidingo zomsebenzi.
Lenkinga yokuntuleka kwamakhono esigabeni sezokwakha nokuphathwa kwezakhiwo iyawukhubaza umsebenzi wethu. Lokhu kuyawuphoqa uMnyango ukuthi wethembele kubantu bakwamanye amazwe ukuba ufeze imisebenzi yawo lokho kwenzeka ngenani elimba eqolo futhi akulawuleki.
Njengamanje bayi 7 abaqeqeshelwa emsebenzini (interns) kulo Mnyango futhi babili ababethole imifundaze asebeqashwe ngokugcwele ezikhaleni eziseMnyangweni. Sizoqhubeka nohlelo lokuziqeqeshela abantu bethu nakunyaka wezimali ozayo lapho siyofaka khona nohlelo lokufunda ngokubukela kwabenza i-project management lapho kwenzeka khona umsebenzi wokwakha.
Ngokomlando uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi unabasebenzi besilisa abaningi kunabesifazane. Nokho sengingabika manje ukuthi sekube nokuthuthuka ezingeni lokumelwa kwabesifazane. Kusukela ngonyaka wezimali u-2007/08 sekube noguquko eMnyangweni lapho abesifazane kade bengu 25% isibalo senyuka saba ngu 35%. Nokho-ke siyakuqonda ukuthi kusafanele senze okuningi ukuze sifinyelele ku 51% wesibalo sabasebenzi besifazane. Sizoqhubeka nakulonyaka ukubheka indaba yokumelwa ngokobulili emsebenzini ngokuthi kube nezinhlelo zomsebenzi eziqonde ngqo ekulungiseleleni abesifazane abasemazingeni okuphatha aphakathi nendawo ukuba baqhubekele emazingeni aphezulu.
Asikakafinyeleli enanini elingu 2,6% okuwumgomo esizibekele wona kubantu abakhubazekile kodwa kukhona esizokwenza ukuze kulungiswe lokho.
Ngithi mangikwenze kucace kulenkulumo yami yokuqala, ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi phansi kwesandla sami umnyango uzoqhuba ngendlela engezuba nazo izenzo zokungathembeki njengokukhwabanisa nenkohlakalo.
Bonke abasebenzi abasemazingeni okuphatha asewagcwalisile amafomu okuchaza ngesimo sawo zezimali kunyaka ka 2008/09. Somlomo, ngivumele ngibike ukuthi esikhathini esingaphezudlwana kancane kwezinyanga ezimbili ngiqalile, sengigunyaze ukuxoshwa kwabasebenzi abayi 7abafunyanwe benamacala okugwazisa.
Kusukela ngiqalile ukusebenza kulesi sikhundla ngigcizelela ekuthini kugwenywe ukusaphaza kanye nasekulweni nokukhwabanisa nenkohlakalo. Sizobambisana nezigaba zezomthetho ekuhlakuleni siqede nya ukukhwabanisa nenkohlakalo emnyangweni. Sengisungule nenkundla yokuxhumana nge internet eyaziwa ngokuthi Asikhulume ngaphakathi emnyangweni lapho khona noma ngubani enelungelo lokuphawula, ukufaka isikhalo kanye nokubika kimi ngalokho okungahambi kahle. Sinxusa labo ababambe iqhaza emsebenzini wethu okungosonkontileka, abanikazi bezakhiwo kanye nawo wonke umuntu emphakathini ukuba babambisane nathi kulomkhankaso wokukhuculula.
Somlomo, ngonyaka ka 2008/09 lolu hlelo luguqukile kwathi inhloso yalo kwaba Ukuphathwa Nokunakekelwa Kwezakhiwo Zikahulumeni ukuze kubhekelwe nokunye esijutshwe ukukwenza futhi lokhu kuzophothulwa ngokomthetho kulonyaka.
Umnyango uzilungiselele futhi wawuqala umsebenzi wokukhokhela omasipala intela yezakhiwo (property rates) kulandela ukwedluliselwa kwalomsebenzi eminyangweni yezifundazwe nguhulumeni kazwelonke ngo Apreli 2008.
Sixhumanile nawomasipala kanye noMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kuzwelonke ukuze kulungiswe amarejista empahla, amanani empahla kanye namarekhodi okuthi intela kade ikhokhwa kanjani, ukuze kulungiswe izincwadi zezikweleti kanye nokukhokha. Lokhu sekuphothuliwe.
Ukumenyezelwa komthetho okuthiwa i-GIAMA ngo Novemba 2007 kwakusho ukuthi iziFundazwe mazizilungiselele ukuthi uyaqala ukusebenza ngonyaka ka 2010. Lo mthetho kuhloswe ngawo ukuthi kube nesiqiniseko sokuthi izakhiwo zikahulumeni aziwohloki futhi zithole ukunakekelwa. Lokhu kubeka umthwalo eminyangweni engamakhasimende ukuba ihlinzeke imali yokunakekelwa kwempahla kuzabelo- mali zayo.
Ngesikhathi sobandlululo eminye yemithetho ephathelene nobunikazi yayivimbela abantu abamnyama nabesifazane ekuthini bangene kulomkhakha njengabanikazi nosomabhizinisi. Lokhu kwaba nomphumela ovuna uhlangothi oluthile, kwashiya izigidi zabamnyama zingenandawo. Lokhu kuphucwa kwashiya abantu abamnyama, ikakhulukazi abesifazane - beneqhaza elincane kakhulu ababelibambile kwezomhlaba nezakhiwo.
Inqubo yoHlelo Lokufukamela yasungulwa yavunywa ngokomthetho ngo Septhemba 2008 ukuze kwandiswe inani labanamakhono kwezokuphathwa kwezakhiwo nomhlaba kulabo akade bencishwe amathuba. Ngenxa yokungeneli kwesabelo zimali uMnyango awukwazanga ukuqhubeka nalolu hlelo ngonyaka owedlule.
Ngiyathokoza ukumemezela ukuthi ngonyaka wezimali ka 2009/10 uMnyango uzoqhubeka nalolu hlelo futhi bangama 75 abantu abazoqeqeshwa bathole amathuba okuthuthukiswa ebhizinisini lokuthuthukiswa nokuphathwa komhlaba.
Izaziso sezikhishiwe emaphephandabeni kulabo abanesifiso sokuqeqeshwa ezigabeni ezahlukahlukene zalomkhakha. Lokhu yisu lokufaka isandla kwabangena emnothweni wezinga lesibili kanye nokuthuthukiswa kwamakhono ngoba nxa amakhono sebewatholile, labo ababambe iqhaza bangawasebenzisa noma kuphi. Umnyango ufisa futhi ukuba ngalolu hlelo ugxile kwezokulinganisa amanani empahla[ property valuation].
Intsha, abesifazane kanye nalabo ababesemzabalazweni wezikhali bayingxenye yomphakathi okuqondwe ukuba isizakale kuloluhlelo.
Isinqumo esithathwe ngonyaka ka 2007/08 sokusabalalisa Uhlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi (EPWP) ukuba lufake Nezokuphathwa Komhlaba Nezakhiwo siholele ekuthini kusungulwe uhlelo Izandla Ziyagezana oluqale ukusebenza ngonyaka ka 2008/09. Abasizakalayo kulo bakhethwa emphakathini empofu ngokwedlulele, banikwa umsebenzi wokusika utshani kulowo mhlaba kahulumeni okungakhiwe kuwo isikhathi esiwunyaka owodwa bakhokhelwe njengalabo abasohlelweni lwe EPWP. Ekupheleni kwekwata yesithathu yonyaka uhlelo lwaqalwa ezifundeni Ugu, Ethekwini, Umgungundlovu, kanye naso Thukela, lapho kwaqashwa khona osonkontileka beZandla Ziyagezana abangu 45 ukuba basebenze ezindaweni zangasemakubo.
Okuphawulekayo okuhle ngalolu hlelo ukuthi abasizakalayo baqashwa kuze kuphele unyaka.
Lolu hlelo seluqubule elikhulu isasasa ezingeni likazwelonke lapho ezinye iziFundazwe zifisa ukunyonkela kulo njengamanje. Sihlose ukulusabalalisa uhlelo Izandla Ziyagezana kuso sonke isiFundazwe.
Izakhiwo ezingu 94 zabuyela egameni lesifundazwe ngonyaka ka2008/09.
Umsebenzi wokwakha amakilasi angu 240 nezindlu zangasese ezingu 626 waqedwa ngonyaka odlule. Ezinye zezakhiwo zamiswa ngenxa yesimo sezimali. ImiNyango esiyenzela lomsebenzi yasinika nomsebenzi wokulungisa ezinye izakhiwo.
Umnyango usuqalile ukuxhumana nezinhlaka osebenzisana nazo ukubonisa uhlobo lokusebenza ngokushintshana Roaster system okuwuhlelo oluqonde ukwenza izinguquko kulomkhakha. Okwangihlaba umxhwele ukubona indlela abalwemukela ngalo loluhlelo bethembisa futhi ukuthi bazosebenzisana noMnyango ukuze lohlelo lusebenze kahle. Loku kuyakhombisa ukuthi ukuxhumana kwalomnyango nezinhlaka osebenza ngazo kuyokwenza ukuthi kusentshenzwe kahle.
UMnyango uvele unazo izinhlelo zokuxhumana nosonkontileka ezingeni lezifunda nelesifundazwe. Kusemqoka ukuthi kube nezinhlaka zokuxhumana nomastende bethu ukuze indlela esisebenza ngayo ibe sobala. Izingqungquthela zosonkontileka kanye nalabo bomkhakha wezempahla[property] emkhakheni wabesifazane netsha ziyenziwa yilomnyango njalo ngonyaka.
Njengamanje uMnyango ubheka indlela ongaxhumana ngayo nomphakathi. Siyawudinga ngoba ungamehlo ethu kanye nezindlebe zethu emazingeni aphansi.
Laba okuthengwa kubo impahla yokwakha siyakholelwa ukuthi bayazuza ngalomnyango njengoba izakhiwo zikahulumeni zakhiwa yonke indawo. Sikhokha izizumbulu zemali uma kuthengwa impahla yokwakha. Kunenkoloze yokuthi uhulumeni unemali eningi ngakho uma usebenza naye kumele uzame ukuthola inzuzo ngokweqile. Sisebenzisana noMnyango weZezindlu sizoqalisa izingxoxo ngodula kwezinto zokwakha ngenhloso yokubheka ukuthi azikho yini izindlela zokutholela abantu bakithi ngamanani aphansi.
Lolu hlelo selukuvezile ukuthi luyakwazi ukudala amathuba emisebenzi. Kulesi sikhathi esibucayi kanje kwezezimali, leli yithuluzi elisemqoka lokudala imisebenzi. Umnyango uhlose ukusebenzisa leli thuba elikhona lama conditional grants ukuba kudalwe amathuba emisebenzi.
Sesizibekele umgomo wamathuba emisebenzi ayi 24 000 kulonyaka wezimali njengoba sikwazile ukudala ayi 20 755 ngonyaka ka 2008/09.
Labo abahlomule kuloluhlelo kubandakanya 5219 abesifazane, 10833 intsha, 302 abakhubazekile kanye no 4401 abanye abantu. Umgomo ebesizibekele wona siweqile.
Kulaba, abangu 178 bakwazi ukuqeda ukuqeqeshwa izinyanga eziyisithupha ekubekeni isitini nokupulasitela. Base bedlulela kumaprojecthi lapho babelindeleke ukusebenza izinyanga eziyisithupha futhi.
Okungijabulisa kakhulu ukuthi kwathi noma loluhlelo lungasitholanga isabelo mali, uMnyango wabheka ukuthi kungenziwa njani, okwagcina ngokushintsha ezinye izinhlelo ukuze loluhlelo luphumelele. Nakuwo unyaka ka 2009/10 loluhlelo sizoqhubeka nalo futhi sifisa uku qeqesha intsha engu 160. Amalungiselelo okwenza loku asephelile.
Okuyingxenye yaloluhlelo, sixhumana noMnyango WeZaSekhaya nabaholi bomdabu ukuze intsha esiphothule kuloluhlelo ikwazi ukuthola imisebenzi nakomasipala.
Somlomo ngifisa ukushayela ihlombe osonkontileka abasebenze ngokubambisana nomnyango wethu ekuqeqesheni intsha ohlelweni lweNYS. Loku kusho lukhulu ngokubambisana kuhulumeni nezimboni ezizimele. Ukubambisana kwethu nokuzinikela kuzosiphumelelisa kulezinselelo esibhekene nazo njengezwe. Ngokubambisana singenza okuningi.
Njengoba sengike ngasho kulenkulumo yami, kuzogxilwa esimeni sangaphakathi emnyangweni. Lokhu kubandakanya ucwaningo ngolwazi lomsebenzi izikhulu ezinalo ukuze umsebenzi wabiwe kabusha ngokwamakhono azo ukuze kufezwe umsebenzi umnyango ojutshelwe wona. Lapha kuzobhekelwa ukuqeqeshwa okwengeziwe kwabesifazane emnyangweni ukuze bafunde ngokukhonjiswa yonke into balungele izikhundla zokuphatha emazingeni aphezulu futhi babhalisele uhlelo olubizwa ngokuthi yi Kaedu.
Sizoqhubeka nokukhipha imifundaze (bursaries) nezinhlelo zokuqeqeshelwa emsebenzini (internships) kulo mnyango. Nokho sekuzoba noguquko ekukhishweni kwemifundaze kusukela manje kuya phambili. Ukuze kube nokwesekelwa kohlelo lokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, umnyango usunqumile ukuthi ingxenye engu 60% yemifundaze izonikezwa abaqhamuka ezindaweni zasemakhaya. Ngalendlela umnyango uzobe uxazulula inkinga yokuheha onjiniyela abangochwepheshe ukuba besebenze kulezi zindawo.
Somlomo, umsebenzi wethu osemqoka ukuhlinzeka nokuphathwa kwezakhiwo zikahulumeni kanye nengqalasizinda. Ngaphansi komsebenzi esijutshelwe ukuwenza yilomnikelo olandelayo ozokwenziwa wuMnyango. Kuzolinywa izingadi phansi kohlelo Izandla Ziyagezana. Njengamanje kusahlelwa indlela okufanele ilandelwe yilabo okufanele basizakale kulolu hlelo. Kanti nasemahhovisi ethu ezifunda kuzoqalwa izivande lapho kunendawo khona yokwenza lokho. Imidwebo yengqalasizinda yezakhiwo isizobhekela ukuthi kube nendawo yezivande zomphakathi.
Somlomo, saqala ngonyaka odlule ukukhokha intela yezakhiwo lapho esakhokha khona u 99,5% wemali esasiyabelwe, siyethemba ngo 2009/10 sizoyikhokha yonke i.e.100%. Kumele ngisho ukuthi imali yesabelo ayenele ukukhokha intela yezakhiwo, umnyango njengamanje usezingxonxweni neminyango enthintekayo ukuqinisekisa ukuthi imali iyenezelwa ukuqhuba lomsebenzi kulonyaka wezimali neminye elandelayo.
Siyaqonda ukuthi uMnyango wathola ushwele kuMcwaningi Mabhuku loku okuphelayo kulonyaka mayelana nokugcinwa kweregista ngendlela okuyiyo, kungenzeka-ke ukuthi yonke iminyango kahulumeni izithole isihlolwa kulomkhakha. Umnyango uzoqhubeka nokubuyekeza i-Rejista yempahla ngendlela ehambisana nezimiso zokulawulwa koMnyango WeZezimali ngokuphathwa kwempahla kahulumeni. Sizoqala futhi nohlelo lokubheka ukuthi izakhiwo ziyahambisana yini nezidingo zabantu abakhubazekile. Sifisa ukusebenzisa abafundi be National Youth Service ukufeza lokhu.
Ngaphezu kokulungisa izakhiwo zoMnyango nokwenza ukuthi amahovisi atholakale eduze, uMnyango uzoqhubeka nokwakha izakhiwo zeminye imiNyango kaHulumeni. Siyacela ukuthi iMinyango kaHulumeni ithumele izidingo zokwakhelwa kusenesikhathi ukuze kungabambezeleki ukwakha.
Lendlela yokusebenza yenza ukuthi uhlobo lokwakha izakhiwo ezicishe zifane lwenziwe kanyekanye luphathwe umuntu oyedwa ukuze umsebenzi wenzeke ngendlela ephezulu. Loku kusebenza kuyonga nezindleko zokuhamba nokuxhumana.
Njengoba eshilo uNgqongqoshe weZezimali UMhlonishwa Pravin Gordhan ukuthi kumele kubenesiko lokusiza nokwaka isizwe ezinhlakeni zikaHulumeni. uMnyango uzokwenza okusemandleni ukusebenza ngendlela ekhombisa ubuntu, ukwethembeka emsebenzini nakuyo iminyango esisebenzisana nayo.
Uma sengiphetha Somlomo, ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kwami ku Mhlonishwa uNdunankulu Dokt. Zweli Mkhize, ikhabhinethi kanye nozakwethu kwiSishayamthetho ngokungisingatha nokungisiza ngesikhathi ngiqala lomsebenzi. Ngizwakalisa ukubonga kwami kwinhloko yomnyango u Dokt. Madlopha, izikhulu eziphezulu zomnyango kanye nabo bonke abasebenzi abenze konke kwaba sobala okwenze ngazazi izinhlelo zokusebenza kuloMnyango. Mangedlulise izwi lokubonga kumakomiti aqaphe ukwenziwa komsebenzi ngokungeseka kwabo nangokusola ngokwakhayo. Ngibonga nezisebenzi ehhovisi lami nezokuxhumana abasebenza ngokuzikhandla nangokuzinikela.
